UGenesise no-Eksodusi
UGenesise noEksodusi yizincwadi ezimbili zokuqala zeBhayibheli futhi yizincwadi zokuqala ezimbili kwezinhlanu ezakha iTorah. UGenesise uqala ngendaba yokudala futhi ufundisa ukuthi uNkulunkulu nguye owenza konke okukhona. Le ncwadi ifundisa nangokubiza kukaNkulunkulu u-Abrahama nokuthi zonke izizwe zomhlaba zazizobusiswa kanjani ngenzalo yakhe. Incwadi ka-Eksodusi isitshela ngobugqila babantu bakaNkulunkulu abakhethiwe – u-Israyeli – eGibhithe nokuthi uNkulunkulu, ngenceku yakhe uMose, ubakhulula kanjani kulobu bugqila.
Comments are closed.