Izincwadi ezine zokuqala zeTestamente Elisha zibizwa ngokuthi amavangeli, okusho ukuthi izindaba ezinhle. Ziwumgogodla wokuveza icebo likaNkulunkulu laphakade: ukuhlenga nokusindisa abantu abalahlekile. Zivame ukubizwa ngokuthi Umlando: Ngazo sithola ukuqonda okuphelele ngempilo yoMuntu owaphila iminyaka engamashumi nantathu kuphela, kodwa owaba nomthelela emlandweni womhlaba wethu ngaphezu kwanoma ubani owake waphila. Amavangeli amemezela uJesu Kristu, isambulo esikhulu kunazo zonke sikaNkulunkulu seqiniso.
Leave a Reply
You must be logged in to post a comment.