Isimangaliso sikaJesu sokuqala esilotshiwe sasiwukushintsha amanzi abe iwayini. Lokhu kwakufanekisa okwenzekayo lapho sikholwa Kuye. Uthatha okujwayelekile futhi asiguqule ngokuyisimangaliso – ukuzalwa okusha. Abaningi bakholwa lapho uJesu enza izimangaliso, kodwa abazange bamlandele. KuJohane sahluko sesithathu, uNikodemu weza kuJesu ebusuku ezombuza imibuzo. UJesu watshela lo mfundisi ukuthi ukuphela kwendlela yokubona umbuso kaNkulunkulu iwukuzalwa ngokusha. UJesu wakwenza kwacaca ukuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu eyodwa kuphela futhi enesixazululo.
Leave a Reply
You must be logged in to post a comment.