Ubunye, ‘laba ababili baba nyamanye’, yisisekelo sobuhlobo bomshado, futhi uthando luwukubonakaliswa kwalobo bunye. Ngaphandle kothando lwe-agape, asisoze saba nohlobo lomshado uNkulunkulu ayewuhlosile. Lolu hlobo lothando alunakushintshwa, alunakonakala, alunamibandela, luyakhuthaza futhi alunakuvinjwa. Kufanele siqaphele ukuthi lolu hlobo lothando alunakwenzeka ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu. UNkulunkulu wayehlose ukuba imishado ingaqedwa futhi uzonda isehlukaniso. IZwi likaNkulunkulu lisifundisa ukuba sibe nemingcele yomshado evikela futhi ilondoloze ubuhlobo.
Leave a Reply
You must be logged in to post a comment.